Lube nokuthula ukhetho lwaseSierra Leone

2012-11-19 16:28
Yabelani Shicilela

Freetown - Kube nokuthula ukuvota okuqhubeke eSierra Leone njengoba abantu bephume ngobuningi babo, phezu kwemibiko ethi iziteshi zokuvota bezihlaselwe yizinyosi futhi nogesi ungekho, kusho izingqapheli.

Ukhetho lwangoMgqibelo bekuwukhetho lwesithathu lwentando yeningi kusukela kwaphela udlame lweminyaka engu-11, oluphele ngonyaka ka-2002.

Iziteshi zomsakazo kuthiwa seziqalile ziqagela imiphumelo yokhetho, nokho iKhomishana iNational Electoral Commission ithi azikakhishwa izibalo ezingujuqu.

UMengameli u-Ernest Bai Koroma, kuthiwa kumele okungenani athole amavoti angu-55%, kungenjalo angase abhekane nembangi yakhe enkulu uJulius Maada Bio, emzuliswaneni wesibili wokhetho.

Izingqapheli ngaphansi kwe-European Union zithi kulele ezikhulwini zezwe ukuthi zidedelwa nini izibalo zokhetho, ukhishwa kwezibalo kulindeleke kwenzeke zingakadluli izinsuku eziyishumi kubanjwe ukhetho.

"Ikhomishana ifuna ukuzinika isikhathi esanele ukuqinisekisa izibalo, nokho siyafuna ukuphothula wonke umsebenzi, kumenyezelwe ophumelele kungaze kuqale izinkinga," kusho inhloko yezingqapheli uRichard Howitt.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Sunny. Mild. Bloem: 8-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 15-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...