Liyelashwa isosha elingenwe yi-Ebola

2014-12-05 16:00

Monrovia – Amasosha e-United Nations agcina ukuthula eLiberia athi elinye lamalungu awo selingenwe yigciwane le-Ebola.

Kungokwesithathu amasosha ebika ngosengenwe yileli gciwane njengoba ababili baphambilini bashona.

Isikhulu sethimba le-UN kuleliya lizwe, uKarin Landgren, uthe elinye lamasosha kutholakale ukuthi lingenwe yileli gciwane ngoLwesithathu.

Kuthiwa lesi siguli sithola ukwelashwa eMonrovia.

Funda nalolu daba: 'Abazithibe ocansini abasinde kwi-Ebola.'

ULandgren uthe abantu abangu-16 abathintane naleli sosha sebegcinwe endaweni yabo bodwa.

Igciwane le-Ebola selingene kubantu abalinganiselwa kwabangu-17 300, labulala abalinganiselwa ku-6 100, kanti lihlasele kakhulu eLiberian nasemazweni angomakhelwane, iGuinea neSierra Leone.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- AP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...