Liyaqala icala lowayeyisikhulu eLibya
2012-11-12 12:01
Tripoli - Kulindeleke ukuba kuqale ngoMsombuluko eTripoli ukuqulwa kwecala likaBaghdadi al-Mahmoudi, owaba nguNdunankulu wokugcina eLibya ngesikhathi sokubusa kukaMuammar Gaddafi.
UAl-Mahmoudi ubhekene namacala okubamba iqhaza odlameni ngesikhathi sikaGaddafi, owaketulwa ngonyaka odlule, kusho okhulumela umshushisi omkhulu uTaha Baara.
Waba nguNdunankulu kusukela ngo-2006 kwaze kwaba ngu-Agasti-2011, ngesikhathi ebalekela kwelaseTunisia ngesikhathi kuqedwa ngombuso kaGaddafi weminyaka engu-42.
Izwe laseTunisia labuyisela u-al-Mahmoudi eLibya ngoJuni nakuba kwakunokukhalaza kwezishoshovu zamalungelo abantu ngokuthi kungenzeka athole ukuhlukunyezwa necala lakhe lingaqulwa ngendlela.
Abaholi abasha baseLibya sebekuzwakalise kaningi ukuthi u-al-Mahmoudi, oneminyaka engapha ko-60 ubudala, uzothola ukuquliswa icala ngokukhululekile nangokungachemile.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP