Lisekhona ithemba ngeZimbabwe - Tsvangirai
2012-07-23 07:25
Canberra - IZimbabwe isikulungele ukuphinde isebenzisane namazwe omhlaba, kusho uNdunankulu uMorgan Tsvangirai njengoba ehambele e-Australia, nethe izimisele ngokuxegisa unswinyo.
UTsvangirai uthe yize izwe lakhe linomlando "onganambithisiseki", uthe uhulumeni wobambiswano uyisinyathelo sokulungisa iphutha lezepolitiki elenzeka esikhathini esedlule.
"Ngithemba ukuthi ngosizo lwenu, nesihe samazwe omhlaba, singase sikwazi ukutakula izwe lethu," esho esidlweni sasemini ebesihanjelwe nawumlingani wakhe wase-Australia uJulia Gillard.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP