Lindelani ukwanda kwezidumbu - Algeria
2013-01-21 10:03
In Amenas - I-Algeria isixwayise amazwe omhlaba yathi awalindele ukuthi kwande izidumbu, kulandela isehlakalo sokuchitheka kwegazi ngasesizindeni sokuphehla igesi.
Lesi sehlakalo sesiqanjwe yiFrance yathi siyizinkomba zempi, eqhutshwa ngamaSulumane.
NgeSonto, amasosha ase-Algeria amemezele ukuthi asethole izidumbu ezingu-25, zabantu abakade bethunjwe ngasogwadule eSahara, la kuphehlwa khona igesi.
Uhulumeni uhlulekile ukuthungatha abantu abangamakhulu abathunjwe ngamavukelambuso, athi alwisana nokungenelela kweFrance, ezindabeni zaseMali.
Baningi ekukholakala ukuthi sebeshonile, izithombe ezikhonjiswe kwabe-AFP ziveze izidumbu zabantu zimbobombobo yizinhlamvu zezibhamu, abanye behlakazwe amakhanda ngenhlamvu.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- AFP