Limfiliba ikusasa leZimbabwe kwezombusazwe
2012-12-17 07:44
Harare - Amaqembu aseZimbabwe aphinde abuyela emuva ngesikhathi iqembu likaMengameli Robert Mugabe, iZanu-PF ihlaba uMthethosisekelo ochitshiyelwe kabusha, neyasiza ekuwubhaleni eminyakeni emithathu ebe nzima.
Kodwa kuthe sekunekomidi ebhekelele lo Mthethosisekelo, uMugabe wala waphetha ukuvumelana nawo ethi kuningi iqembu lakhe elingahambisani nakho.
OweMovement for Democratic Change (MDC)
kwezomthethosisekelo u-Eric Matinenga, nonguSihlalo wale komidi, uthe leli thimba lizohlangana futhi ngoMsombuluko.
“Kungumsebenzi oqhubekayo, kodwa siyayibona inhlansi yethemba," esho.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24