Kwesule undunakulu waseMali
2012-12-11 07:41
Bamako - UNdunankulu waseMali uCheick Modibo Diarra umemezele ukushiya isikhundla sakhe ngoLwesibili, ngemuva kokuthi ebanjwe waboshwa ngamasosha embangi yakhe u-Amadou Sanogo.
"Mina, Cheick Modibo Diarra, ngiyesula kuhulumeni," kusho uDiarra, ethula inkulumo emfishane ezindlini zomsakazo i-ORTM.
Undunankulu akakhiphanga zizathu ngokwesula kwakhe.
UDiarra ubonge abalandeli bakhe, wathi ukholwa wukuthi uhulumeni ozophatha uzolisebenzela izwe, wenze izinto kangcono.
Umlayezo kandunankulu uzwakale ngemuva kwamahora angengakanani kuzwakale ukuthi ushaqwe ngamasosha angu-20, athe athunywe nguCaptain Sanogo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).