Kuzophenywa uhulumeni eMalawi
2012-05-18 16:13
Blantyre - UMengameli omusha waseMalawi uJoyce Banda umemezele ukuthi kuzophenywa ngeainsolo ezithi kunabathi ze ngaphakathi kuhulumeni ekade bedlelana kakhulu nomengameli ongasekho, abapheka itulo lokunqinda uhulumeni amandla.
"Ngenxa yezizathu ezisobala nginqume ukuthi kuphenywe ngezinsolo ezithi kune tulo," kusho uBanda etshela iPhalamende.
UBanda uthi wamukele imibuzo eminingi evela ezinhlakeni ezahlukene ezicela ukuthi kuphenywe ngokushona kukaMengameli uBingu wa Mutharika, owadlula emhlabeni mhla zinhlanu ku-Ephreli.
UMutharika, owaba ngumengameli kusukela ngonyaka ka-2004, wahlaselwa yisifo senhliziyo washona.
Wabe ebeke umfowabo uPeter ukuthi abambe isikhundla yize moma uBanda wabe eyisekela lakhe.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).