Kuzohlangana abaholi beCongo neRwanda

2012-08-07 14:01

Kampala - Omengameli baseDR Congo naseRwanda bazohlangana e-Uganda ngenhloso yokuthola isisombululo ngokujutshwa kwamathimba azoqapha imingcele yala mazwe.

UMengameli wase-Ugandan uYoweri Museveni nguye uzosingatha le ngqungquthela yezinsuku ezimbili ezohanjelwa ngamalungu angu-11 eConference on the Great Lakes Region (ICGLR), nekuhloswe ngayo ukwehlisa uthuthuva olubukeka lokhula phakathi kweRwanda neDR Congo.

Kulindeleke ukuthi lo mhlangano uhanjelwe ngomengameli abayisihlanu okubalwa owaseRwanda uPaul Kagame nomlingani wakhe waseDR Congo uJoseph Kabila.

Kuzobe sekuba khona nowaseBurundi uPierre Nkurunziza noJakaya Kikwete waseTanzania.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...