Kuzohanjiswa usizo eSudan -EU
2012-07-26 16:37
Brussels - I-European Union imemezele ukuthi izohambisa izigidigidi zama-Euro ukwelekelela amazwe iSudan, South Sudan neYemen, kusho umbiko ngoLwesine.
Impi eqhubeka kula mazwe isiholele ekutheni abantu abalinganiselwa ku-200 000 babaleke bashiye amakhaya abo, umbiko uthi bakhona abanye abalinganiselwa ezinkulungwaneni abasazobaleka, kusho ukhomishana we-EU uKristalina Georgieva
"Uxhaso oluhanjisise lwenyuswe ngo-40 million Euros." kusho ukhomishana.
IYemen yilona lizwe eliswele kunawo wonke e-Arab Peninsula, abantu abalinganiselwa ku-40% balala bengadlile, abangu- 1.25 million baxakwe yizimpi eziqhubekayo bese kuthi abangu-250 000 bangabokufika abadabuka eSomalia nase-Ethiopia.
"IYemen ilokhu iqhubeka nokuba yizwe elinenkinga kakhulu emhlabeni jikelele."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).