Kuxwayiswa ngamajele aseMozambique
2012-11-22 10:07
Maputo - Inhlangano i-Amnesty International ikhiphe umbiko othi izikhulu zaseMozambique zigquma iziboshwa emajele, ziphinde zinganikwa nelungelo lokuthola ummeli.
Umbiko uthi iziboshwa zihlanganisa izingane ezincane, kuthiwa ziyahlukunyezwa kunjalo zihlala ngaphansi kwezimo ezinzima njengoba amajele egcwele kakhulu.
Ucwaningo lwenziwe ngokuhlanganyela nabeMozambique's Human Rights League, abahlole amajele amathathu asenhlokodolobha iMaputo.
Umbiko uthi kuneziboshwa esezigqunywe ejele isikhathi esisukela ezinyangeni ezingu-12 kuya eminyakeni engu-12.
Abenhlangano bathi ezinye iziboshwa zigqunywe ejele kodwa aziwazi amacala ezibekwe wona.
Omunye weziboshwa uJose Capitine Cossa uthi waboshwa ngo-2001, uthi wabe enza umsebenzi wezandla, uthi akalazi icala lakhe.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).