Kuxoshwe odokotela abebesesitelekeni eNigeria
2012-05-08 10:27
Lagos - Izikhulu eLagos, eNigeria, zixoshe odokotela abangu-788 abadube imijovo bangena esitelekeni bekhala ngamaholo kula masonto amathathu edlule, kusho isitatimende.
"Bangu-788 odokotela abebesebenzela uhulumeni abaxoshiwe eLagos ngoMsombuluko... kulandela isiteleka esingekho emthethweni abangena kusona kusukela ngo-Ephreli 16," kusho isitatimende.
Kuthiwa lokhu kuxoshwa kulandela ukuthi labo dokotela bahluleka ukuphendula ukuthi kungani bengekho emsebenzini.
Uhulumeni usuqashe odokotela abangu-373 abazovala lezi zikhala njengoba kuzoqashwa abanye kungekudala.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA