Kuxoshwe ungqongqoshe e-Ethopia

2012-11-29 16:33

Addis Ababa - UMholi wase-Ethiopia uHailemariam Desalegn usexoshe emsebenzini uNgqogqoshe kuKhabinethi yakhe uJunedin Sado, obhekene nezinsolo zobuphekula, kusho imibiko ngoLwesine.
 
Unkosikazi kaSado, ungomunye wabasolwa abangu -29 ababhekene necala lobuphekula, kulandela umbhikisho wabenkolo yamaSulumane, abasola uhulumeni ngokugxambukela ezindabeni zabo zezenkolo.

USado ushicilele incwadi ephume ephephandabeni, evikela umkakhe, waphinda wagxeka ezokushushisa ezweni.

UHailemariam uphinde wanyusa ongqongqoshe ababili wabenza amasekela akhe, lokhu kuchazwe njengophawu lwempumelelo, kusukela kwasweleka umholi obuse isikhathi eside uMeles Zenawi, owashona ngenyanga ka-Agasti.

UTedros Adhanom uqokwe njengoNgqongqoshe omusha wezangaPhandle.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C Numerous showers. Decreasing cloudiness. Cool. Pta: 11-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 6-16°C Morning clouds. Refreshingly cool.
Dbn: 17-22°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-19°C Showers late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...