Kuthunjwe abasebenzi eNigeria
2013-02-18 16:31
Abuja - Inkampani yezokwakha isidedele abasebenzi bayo bonke enyakatho neNigeria kulandela ukuqhuma okwenzeke emagcekeni ayo kanye nokuthunjwa kwabantu bokufika abayisikhombisa, kusho izakhamuzi zitshela i-AFF ngoMsombuluko.
Amaphoyisa esifundeni saseBauchi, lapho kuhlaselwe khona ngoMgqibelo ntambama, athe okuseqhulwini kubona ukuthi kukhululwe abathunjiwe, okubikwe ukuthi phakathi kwabo kukhona abantu baseLebanon, oyedwa waseBriton, oyedwa waseGreece kanye nowise-Italy.
Ukugasela eSetraco kube yisehlakalo sokuhlasela esinzima kuhlaselwa abokufika enyakatho neNigeria, kanti lokhu kuhlasela kungenzeka ukuba kuchaza ukuthi amaqembu ama-Islamic aseshitshe indlela enza ngayo izinto.
IBoko Haram, esolakala ezehlakalweni zokubulawa kwabantu abaningi kusukela ngo-2009, isihlasele iphindelela eBauchi, kodwa ayikaze uvume ukuthi yathumba abantu basentshonalanga.
Elinye iqembu okuthiwa yi-Ansaru, lavuma ukuthi lathumba umuntu waseFrance ngoDisemba kanti abahlaziyi banokwesabela ukuthi la maqembu asefuna abokufika, njengoba kwenza amanye amaqembu ahlobene nele-al-Qaeda eNorth Africa.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP