Kuthunjwe abokufika eNigeria

2012-11-28 10:02

Lagos - Oshayasibhamu sebethumbe abantu ababili abadabula eLebanon, abasebenza enkontilekeni esifundeni esicebe ngowoyela iNiger Delta, eNigeria, kusho amaphoyisa.

Laba bathathwe bela besebenzela khona ngoMsombuluko," kusho isikhulu samaphoyisa uCharles Muka, etshela abezindaba ze-AFP.

"Bobabili abathunjiwe bebakha ibhuloho, emsebenzini ohlelwe ngabenkampani iSetraco Nigeria Limited," kusho uMuka, obuye wachaza nokuthi kunophenyo oluqhubekayo.

Kuthiwa laba bathathwe ngoshayasibhamu ebebehamba ngesikebhe.

Izehlakalo zokuthunjwa kwabantu bese kufuneka imali kuze bezodedelwa bezindlange kakhulu eNiger Delta ngaphambi kuka-2009, imvamisa izisulu bezidedelwa ziphila ngemuva kokukhokhwa kwemali.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...