Kuthunjwe abaseChina eGibhithe

2012-03-01 12:38

Cairo – Abasebenzi ababili abadabuka ezweni laseChina bathunjiwe enhlokodolobha yaseGibhithe, eCairo ngoLwesine, lokhu kuvezwe yisikhulu ezindlwini zamanxusa esithi kuyanda ukwethuka kwabahlali kulenhlokodolobha kulandela uguqa kombuso wesishoshovu esingu Hosni Mubarak.

"Abasebenzi babili base China bathunjwe ngoshayasibhamu namhlanje ekuseni enhlokodolobha iCairo, bafuna ngo dli imali," kuchaza inxusa lase China.

"Laba basebenza enkampanini yamatshe egxile ekwenzeni umabula," kuchaza isikhulu.

Umthombo kwezokuphepha eGibhithe uthi kungokokuqala ngqa kuthunjwa abokufika abadabuka kwamanye amazwe kulenhlokodolobha.

Umthombo wezindaba kahulumeni eChina, iXinhua ucaphune iphini likasoseshini wabahlali laseChina eGibhithe, iChinese People Association in Egypt, uChen Jiannan, ethi abathumbi bafune isamba semali engu-$83 000.

Abathunjiwe bebesendleleni eya emsebenzini besuka emzini wabo oseMaadi enengizimu ne nhlokodolobha iCairo.

Lokhu kuthumba kuza esikhathini esingangenyanga kuthunjwe abasebenzi enkampanini ka semende eSinai peninsula bethunjiwe yiqembu elizibiza nge Bedouin elalikade lifuna kudedelwe izihlobo zabo ezingama sulumane ezabe zithathwe ngamasotsha ka hulumeni. 

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Amabhomu abulale 82 eNigeria

Emizuzwini eyi-49 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-24°C Sunny. Mild. PE: 10-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...