Kutholakale 9 ushonile kucwila isikebhe eDRC

2012-12-24 10:19

Kinshasa – Cishe yinqwaba yabantu abashonile nabadukile ngesikhathi isikebhe sicwila eCongo River budebuduze naseKinshasa, enhlokodolobha yaseDemocratic Republic of Congo, kusho izikhulu ngeSonto.

Ingozi yenzeke ntambama ngoLwesihlanu endaweni yaseMaluku esenhlokodolobha yaseCongo, kusho iMeya yaseMaluku uPapy Epiana.

"Sisathole izidumbu ezingu-9 nabasindile abangu-197," esho.

Kodwa okwamanje akanalo ulwazi lokhu bangaki abantu abadukile kanti abaphenyi abakatholi ukuthi bebebangaki abagibeli.

IRadio Okapi, isiteshi sendawo, sithe labo abebesesikebheni bathe cishe isikebhe besithwele abantu abangu-300  kanye nezimpahla.

Ngokwemibiko yophenyo lokuqala, ingozi idalwe wubudedengu babantu, kusho uNgqongqoshe wezokuThutha uJustin Kalumba etshela i-AFP.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...