'Bayahlukunyezwa abokufika eLibya'
2012-11-13 16:24
Tripoli - Abantu bokufika eLibya baphila ngaphansi kwezimo ezinzima ezihlanganisa ukuxhashazwa, ukuboshwa ngaphandle kwesizathu kanjalo nokushaywa, kusho inhlangano i-Amnesty International, ngoLwesibili
Umbiko wenhlangano uthi iLibya ithembele kakhulu ekuqasheni abantu bokufika abasuke bexakekile befuna ukukhoselisa amakhaza, abaningi bokufika kuthiwa basuka emazweni aseningizimu ne-Afrika, kanti batheleka kuleli lizwe ngoba besuke benenhloso yokudlulela e-Europe.
Abokufika kuthiwa bayabanjwa baboshwe besahamba nje emigwaqeni, kanti abanye babanjwa sebesemikhumbini ebheke e-Europe, kusho inhlangano.
"Kuyihlazo ukuthi kuyaqhubeka ukuhlukunyezwa kwabantu, isimo siya ngokuya siba simbi,” kusho umqondisi enhlanganweni uHassiba Hadj Sahraoui.
Ngemuva kweminyaka engu- 42 kwaqunjwa phansi umbuso kandlovukayiphikiswa onguMoamer Kadhafi, namanje abantu bokufika abaphathwa ngendlela, futhi isimo sibe simbi kakhulu kusukela ngo-2011, kusho inhlangano.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).