Kuteleke abamaphephandaba eGibhithe
2012-12-04 14:02
Cairo - Amaphephandaba acheme nezinhlangano eziphikisayo eGibhithe, amise umsebenzi ngoLwesibili ngoba ekhombisa ulaka lwawo ngalokho akubiza ngokwentuleka kwelungelo lokubika ngokukhululeka.
Amaphephandaba akhalaza ngoMthethosisekelo omusha ekulindeleke ukuthi uphasiswe mhlaka-15 Disemba.
"Umnyakazo lona ukhombisa ukuphikisa lesi senzo," kusho i-website yephephandaba i-Al-Tahrir.
"I-Egyptian Independent iyakuphikisa ukuncishwa kwabezindaba ilungelo lokubika ngokukhululeka. Abantu bezwe banelungelo lokuzwakalisa izimvo zabo," kuqhubela umyalezo ku-website.
Iphephandaba i-Al-Masry Al-Youm lithe baphikisa uMthethosisekelo kaMengameli uMohammed Morsi.
Umengameli wazinika amandla phezu kwazo zonke izinhlaka zezwe ezihlanganisa nezinkantolo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).