Kusulwe isikweletu seGuinea
2012-09-27 14:05
Conakry - Isikweletu esingaphezu kuka-$2.1 billion ebesikweletwa yiGuinea sicishiwe nokuzokwenza leli lizwe lithole ukuphefumula ngemuva kokumpintsheka iminyaka.
Isikweletu lesi kuthiwa besilokhu sikhula njengoba izwe beliphethwe ngondlovukayiphikiswa isikhathi eside.
Izwe leli liphumelele ekutheni lingene ohlelweni lwe-International Monetory Fund kanjalo neWorld Bank, olulekelela amazwe athwele kanzima.
Isinqumo sokwelekelela iGuinea kulesi sikweletu, simenyezelwe ngabe-IMF neWorld Bank ngoLwesithathu.
"Lokhu kuzosiza iGuinea ikwazi ukuziphilisa ngezokumbiwa phansi," kusho usomnotho u-Ansoumane Camara.
Kuthiwa izinkinga zezwe zagqama ngesikhathi kubusa uLansana Conte, owaphangalala ngo-2008, izwe liye okhethweni lokuqala lwentando yeningi ngonyaka ka-2010.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).