Kusule inhloko yezokhetho eZimbabwe

2013-02-13 14:02

Harare - Inhloko yezokhetho eZimbabwe yesulile esikhundleni sayo ngaphambi kokhetho olubalulekile oluzobanjwa kulo nyaka, ikhale ngokugula, kubike abezindaba ngoLwesithathu.

Ijaji eselathatha umhlalaphansi uSimpson Mutambanengwe wathatha lo msebenzi ngoMashi 2010, ngemuva kweminyaka emibili uMugabe enqobe ukhetho olwaluhambisana nokuchitheka kwegazi kanye nokwesabisa.

Ukhetho lwaholela ukubeni nokukhala okuningi emazweni omhlaba kanye nengcindenz eyaphoqelela uMugabe ukuba akhe uhulumeni wobumbano.

"Unike uMengameli Robert Mugabe incwadi yakhe yokwesula, wayamukela uMengameli. Isizathu sokwesula kwakhe sidalwe yisimo sakhe sempilo," kucashunwe uNgqongqoshe wezobuLungiswa uPatrick Chinamasa esho kanje ephephandabeni iHerald.

UChinamasa uthe usaxoxisana noMugabe kanye nembangi yakhe enguNdunankulu uMorgan Tsvangirai ukuze bathole okulungele ukungena kulesi sikhundla".

Izwe laseZimbabwe kulindeleke ukuba livotele uMthethosisekelo kuphinde kubanjwe nokhetho ngasekupheleni konyaka, okuzobe kusho ukuphela kukahulumeni wezimbangi, kodwa alikabekwa usuku.

Amaqembu amabili amakhulu – elikaMugabe iZANU-PF nelikaTsvangirai iMovement for Democratic Change – asezwakalise ukuthi bayawuseka uMthethosisekolo ochitshiyelwe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone 9 kunokuhilizisana eLibya

Emizuzwini eyi-27 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: 2-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-24°C Sunny. Mild. PE: 9-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...