Kushone inqwaba kwebiwa imfuyo eS Sudan
2012-12-05 14:01
Juba - Balinganiselwa ku-30 abantu abashonile ngesikhathi kutholana phezulu umphakathi wezizwe ezehlukene, kwebiwa imfuyo eSouth Sudan, kusho izikhulu ngoLwesithathu.
Intsha ebihlome ngezibhamu ezingama-rifle, engeyohlanga iDinka Gok, imashe okungenani amahora ayisishiyagalombili, yase ihlasela uhlanga oluyizimbangi zayo, obelwelusile iDinka Rek, kusho isikhulu u-Isaack Mayom Malek.
Lokhu kuhlasela kwenzeke ngoLwesihlanu kodwa umbiko uzwakale ngesikhathi sekukhuluma abasindile.
"Bangu-22 ekuqinisekiswe ukushona kwabo endaweni yesehlakalo, abanye abangu-18 kuthiwa bathole ukulimala," kuqhuba uMalek.
Izikhulu zohlanga oluhlaseliwe iDinka Rek, zibike ukuthi kushone abantu abayisishiyagalolunye ngasohlangothini lwabo, kwalimala abangu-22.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- AFP