Kushone inqwaba kugingqika ibhasi

2015-07-20 16:00

Cape Town – Babalelwa ku-12 abantu abashonile kulandela ingozi enyantisayo yebhasi eyenzeke eZambia ngokusho kombiko.

Ngemuva kokwenzeka kwale ngozi izithombe zayo zisabalale ezinkundleni ezahlukene zokuxhumana kanti kusolakala ukuthi iningi labalimele badabuka eZimbabwe.

Ngokubika kweThe Herald ngoMsombuluko abantu abangu-8 bashone ujuqu kwathi abangu-53 balimala kanzima.

OLUNYE UDABA:Uvelile osolwa ngokubulala umqwayizi

Le ngozi yenzeke ngesikhathi ibhasi ehambela eHarare iKing Lion iphuma emgwaqweni yabe isiyagingqika endaweni yaseKafue eZambia.

Umnikazi wenkampani yamabhasi uthe umshayeli uhlulekile ukuyilawula ngemuva kokuqhuma isondo.

Abalimele baphuthunyiswe esibhedlela iKafue  kwathi abanye baphuthunyiswa e-UTC eLusaka.

         - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

                - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Herald

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-27°C Sunny. Pleasantly warm. Pta: 11-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 8-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...