Kushone inqwaba engozini yebhasi e-Uganda

2012-09-18 12:00

Kampala - Kusatshelwa ukuthi abantu abangu-30 bashonile esehlakalweni sokuginqika kwebhasi esenzeke emgwaqeni omkhulu e-Uganda.

Izikhulu zamaphoyisa zithe kuginqike ibhasi yagqamuka amalangabi, akukazeki kahle ukuthi bangaki abantu abashonile.

Okhulumela amaphoyisa uJudith Nabakooba utshele abezindaba wathi umshayeli webhasi uhlulwe ukujika ikhona, ibhasi yase ilala amankeyane.

"Okwamanje singaqinisekisa kuphela abantu abangu-10 ukuthi bashonile, sisenganyuka isibalo. Abatakuli bamatasa endaweni yesehlakalo,” kusho uNabakooba.

Izingozi zomgwaqo yisona sehlakalo kuthiwa sithatha izimpilo zabantu abaningi e-Uganda.





 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-22°C Sunny. Mild. Bloem: 12-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C High level clouds. Warm. PE: 17-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...