Kushone indoda emngceleni iBeit Bridge
2012-12-24 07:44
Johannesburg - Kushone indoda yaseZimbabwe emngceleni iBeit Bridge ngesikhathi icela ukukhashwa iyiswe endlni encane, kusho iBorder Control Operation Co-ordinating Committee (BCOCC).
Okhulumela i-BCOCC uPatrick Moeng uthe le ndoda ishone ngabo-10:00.
“Ubezohlolwa isimo sezempilo eNingizimu Africa ehamba ngebhasi."
Ube esecela ukuyiswa endlini encane kwathi kusenjalo washayeka phansi waphelela khona lapho, esho.
“Kwenziwa izinhlelo zokuthi aphindiselwe kubo."
UMoeng uthe ngoMsombuluko owesifazane ubelethe amawele kulo mngcele.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA