Kushone amakhulu amavukelambuso eMali - Umbiko

2013-02-06 14:03

Gao - Amasosha aseFrance atshalwe eMali, asebulale amakhulu amasosha amelene nohulumeni wezwe laseMali, kanti imibiko ithi kusukela ngenyanga kaMashi, abaseFrance bazoqala bahoshe izinyawo.

UNqongqoshe wezokuVikela uJean-Yves Le Drian uthe ukungenelela kwamasosha aseFrane kwezinsuku ezingu-26 kushiye phansi izidumbu zamakhulu amavukelambuso akade ebambe impi ngasemngceleni ongenela e-Algeria.

UMnyango uthi abaningi bashone ngesikhathi amasosha aseFrance ehlasela esemoyeni, ebhekise emotweni ebithwele izikhali ebezibhekiswe emadolobheni iKonna neGao.

IMali thi ishonelwe ngamasosha angu-11 kusukela kwaqala impi, kwalimala amanye angu-60 ngesikhathi itholene phezulu eKonna, ngenyanga eyedlule.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C Passing showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 14-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-25°C Passing showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 13-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...