Kushone abantu kuwa ibhilidi eGhana

2012-11-07 16:16
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Ibhilidi elinezitezi eziyisithupha eliyinxanxathela yezitolo liwile enhlokodolobha yaseGhana, i-Acra, bathathu abantu asebeqinisekiswe ukuthi bashonile, balinganiselwa ku-50 abasebenzi ekukholakala ukuthi bavalelekile.

Omunye wabasebenzi, ongathandanga ukuthi kudalulwe igama lakhe, uthi balinganiselwa ko-50 abantu ekukholakala ukuthi bavalelekile, uthe akanaso isilinganiso sabathengi.

Ilungu lomndeni elikhona endaweni yesehlakalo, belilokhu lizama ukufonela othize ekukholakala ukuthi ungomunye wabavalelekile.

"Indodana yami! indodana yami! indodana yami izofa, nguye kuphela indodona yami," kukhala owesifazane endaweni yesehlakalo.

Intatheli yezindaba ze-AFP, ibone abantu abane betakulwa bekhishwa endaweni yesehlakalo, okwamanje akukakazeki ukuthi kube yini imbangela yokuwa kwenxanxathela yezitolo iMelcom.

UMengameli wezwe uJohn Dramani Mahama, uthumele umlayezo ngeTwitter, ekhalisa izihlobo nabangani.

"Imikhuleko yami inemindeni yabasebenzi, abathengi kanye nabo bonke abanye ekade bekhona kuwa ibhilidi," kusho umlayezo.





  – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 11-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Showers late. Morning clouds. Mild. PE: 11-20°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...