Kushone ababili kugasela amaphoyisa eKenya
2012-10-15 16:35
Mombasa - Abantu ababili bashonile kwaphinda kwaboshwa umholi weqembu elizimele iMombasa Republican Council, kusho amaphoyisa aseKenya.
"Laba ababili abashonile kukholakala ukuthi bangamalungu eMRC, abanye abayishumi nambili bona baboshiwe,” kusho isikhulu samaphoyisa u-Aggrey Adoli, obuye waveza ukuthi kuboshwe umholi weqembu u-Omar Mwamnuadzi.
"Ababoshiwe bazothweswa amacala, kutholakale isibhamu esiyi-AK-47, endaweni yesehlakalo,” kuchaza u-Adoli.
Amaphoyisa agasele emzini kaMwamnuadzi, ekufikeni kwawo, laba abeseka lo mholi, bashintshane ngenhlamvu namaphoyisa.
Umholi womphakathi uSalim Changu, obesolwa ngabeMRC ukuthi usebenzisana namaphoyisa, ugwazwe wabulawa.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).