Kushone 9 empini eNigeria

2013-01-25 14:03

Jos - Ukuhilizisana phakathi kwabelusi bamaFulani nabalimi bendawo kushiye okungenani abantu abayisishiyagalolunye beshonile enkabeni yeNigeria, kusho okhulumela umbutho wezempi.

UCaptain Salisu Mustapha uthe lesi sigameko senzeke ngoLwesibili ebusuku eWadata, nokuyindawo enamaKrestu amaningi ngaphandle kwaseJos.

"Ngingaqinisekisa ukuthi babalelwa okungenani kwabayisishiyagalolunye abantu ababulelwe kwathi abanye balimala," esho.

Imbangela yalesi sigameko ayikaqinisekiswa.

"Sisazama ukugcina isimo sizinzile. Okwamanje sibukeka sibuyele kwesijwayelekile."

Izakhamuzi zithi bangase babe ngaphezu kuka-20 abantu ababulewe kulezi zidubedube, njengoba kunezidumbu ezitholakale emahlathini.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 19-29°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-24°C Heavy rain. Morning clouds. Mild. Bloem: 18-32°C Showers late. High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-28°C Morning clouds. Warm. PE: 15-30°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...