Kushone 7 kugaselwa eNigeria

2013-02-08 12:16

Nairobi - Izigebengu ezihamba zifuna imfuyo zibulale cishe abantu abayisikhombisa ngoLwesihlanu eRift Valley okuyisifundazwe saseKenya esikhungethwe yizinkinga, kusho amaphoyisa.

"Kubulawe abantu abayisikhombisa ngesikhathi kugasela abahlaseli,” kusho umthombo wamaphoyisa, oqhube wathi lesi sigameko senzeke eKaptir, okuyisigodi esiseceleni ngasenyakatho yesifunda saseTurkana.

"Amaphoyisa okwamanje alwisana nezigilamkhuba ngethemba lokuthola imfuyo eyebiwe,” kusho isikhulu samaphoyisa aseKenya uDavid Kimaiyo etshela abe-AFP, nakuba engasiqinisekisanga isibalo sabashonile nabalimele.

Izohlakalo ezifuze lezi zishiya kubulewe abantu abaningi minyaka yonye kulesi sifunda.

NgoNovemba, oshayasibhamu enyakatho neKenya babulala amaphoyisa angaphezulu kuka-40 ngesikhathi ezama ukuthola abebi bemfuyo.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 7-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 2-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-23°C Showers late. More sun than clouds. Mild. PE: 9-19°C Showery. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...