Kushone 6 ezibhelwini e-Egypt

2012-12-06 10:00

Cairo – Kushone ababhikishi abayisithupha ngoLwesine odlameni olubenamandla kakhulu selokhu uMohamed Morsi abanguMengameli wokuqala wama-Islamist e-Egypt ngoJuni.

Abayithupha babulawe ngokudutshulwa kwathi cishe abangu-350 balimama ngesikhathi kutholana phezulu abalandeli nezitha zikaMorsi eCairo, kubike abezindaba i-MENA.

Baqale ngokujikijelana ngamabhomu nangamatshe ngoLwesithathu kubangwa ukwelulwa kwesikhathi sokubusa sikamengameli kanye noMthethosisekelo.

UMorsi wacasula izimbangi zakhe nabaningi ngesikhathi ethatha isikhundla esiphezulu ngemuva kwesinqumo sangoNovemba 22.

Ababhikishi abebelimele babonakale bekhishwa ngesikhathi kuqhuma izibhamu, izimbangi zicekele phansi izimoto ngasekhaya likamengameli, nokuyilapho abaphikisana noMorsi bebefake khona amatende ngaphambi kokuba abalandeli bakhe babakhiphe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C More sun than clouds. Cool. Pta: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 12-18°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...