Kushone 5 ezikhukhuleni eMozambique

2013-01-24 08:09
Yabelani Shicilela

Maputo - Kushone abantu abayisihlanu eningizimu neMozambique ngesikhathi kuhlasele izikhukhula, kusho iNational Institute of Disaster Management (INGC), nokukhahlameze inqwaba yabantu.

Ithimba labezindaba ebelihamba ngendiza lihlola umonakalo, libike ukuthi baningi abanye abantu abashone edolobheni iChokwe, kodwa langaphuma nesibalo esiqondile.

“Isimo simanzonzo njengoba sisabhekene nenselelo yokutakula abantu ezindaweni eziyingozi," kusho uRita Almeida, nokhulumela i-INGC.

“Sikwazile ukuhlenga abantu abangu-10 000 okwamanje nesibadlulisele ezindaweni zokukhoselisa amakhanda okwesikhashana."

Ngo-2000, izimvula ezinamandla zabulala abantu abangu-700 kuleliya lizwe.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Sapa-DPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...