Kushone 5 emzini wenyanga eZim

2013-01-22 10:01

Chitungwiza - Kushone abantu abayisihlanu kwathi abathathu balimala ngesikhathi kunokuqhuma emzini wenyanga edolobheni laseZimbabwe, iChitungwiza, kusho amaphoyisa.

Amakhulu abantu acele empunzini ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, nekuthiwa ukuqhuma lokhu kucekele phansi nezindlu zomakhelwane.

Amaphoyisa athi asaphenya ngalokhu kuqhuma, kodwa atshela izintatheli ukuthi akuzange kudalwe yibhomu noma igesi.

"Le ndaba ayicaci kahle kanti abanye abantu basola ukuthi kungenzeka ukuthi ngumbani odale lo monakalo obulale inyanga nobezokhipha isinyama," kusho okhulumela amaphoyisa.

Iningi labantu baseZimbabwe bangamaKrestu kodwa bakholelwa ekuthakatheni nasekusebenziseni imithi yize umthetho ungahambisani nakho.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-27°C Sunny. Warm. Pta: 16-30°C Widely scattered tstorms. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Mostly sunny. Warm. Bloem: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Showers late. Afternoon clouds. Mild. PE: 16-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...