Kushone 4 kuqhuma ibhomu eSomalia
2013-02-11 14:02
Mogadishu - Cishe bane abantu abashonile ngoMsombuluko ngesikhathi idelakufa liziqhumisa ngebhomu ekuhlaseleni obekuqondiswe emaphoyiseni aphezulu maphakathi nesifunda saseSomalia, iGalkayo, kusho amaphoyisa.
"Bahlanu abantu okulinganiselwa ukuthi bashonile, kuhlanganisa nalo idelakufa,” kusho uMohamed Abdullahi, oyiphoyisa kulendawo.
Umthombo wezokuphepha uthe iphoyisa eliphezulu ePuntland lilimalile kulesi sehlakalo, kodwa imibiko ayikaqinisekiswa.
Amasosha eqembu laseSomalia elidlelana ne-Al-Qaeda iShebab aphinde asebenze nasezindaweni eziningi, kanti asenze izehlakalo zobushokobezi eziningi, kodwa ngokujwayelekile ahlasela enhlokodolobha iMogadishu.
IShebab, ezehlakalweni eziningi, zangonyaka odlule, yavuma ukuthi ibe nesandla kuzona.
UMengameli omusha osanda kubekwa uHassan Sheikh Mohamud, othathe izintambo ngoSepthemba ngemuva kokukhethwa yiphalamende, ubhekene nezinselelo eziningi emizamWeni yokudala ukuthula.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP