Kushone 4 abantu begxobana eGhana

2013-05-20 10:03

Accra - Kushone abantu abane kwathi abangu-30 balimala ngesikhathi kusuka isiphithiphithi kugxobana abantu esontweni elidumile eGhana, ngesikhathi kukhishwa amanzi athandazelwe mahhala.

Izinkulungwane zabazalwane abebenethemba lokuthola la manzi ekuthiwa alapha izifo babuthelane ebandleni likaTB Joshua, waseNigeria, iSynagogue Church of All Nations enhlokodolobha i-Accra, ngesikhathi abantu abebesemuva bephushe abanye befuna ukufinyelela epulpiti.

"Ngesikhathi bezama ukuthola la manzi, kube sekugxotshwana ngezinyawo," kusho okhulumela amaphoyisa uFreeman Tetty.

"Bane okuqinisekiswe ukuthi bashonile kwathi abangu-30 balimala, abanye basesimweni esibi kakhulu."

Omunye wabazalwane, uGertrude Sumbamala, nophuke umlenze kulezi zidubedube, ubeze kwinhlolokhono yomsebenzi, wase enquma ukuhambela leli bandla.

"Ngesikhathi abantu bephusha ngemuva babe sebewela kithi, salimala kanjalo," esho.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...