Kushone 36 enkundleni yezemidlalo eMali

2011-02-22 14:44

Nairobi - Kushone okungenani abantu abangu-36 ngesikhathi kusuka isiphithiphithi kulalelwe umshamayeli odumile wamaSulumani eMali, kubika iphephandaba lakuleliya lizwe iLa Republican ngoLwesibili.

Amashumi ezinkulungwane abebuthene enkundleni yezemidlalo iModibo Keita eBamako ngesikhathi kushumayela u-Ousmane Madani Haidara nalapho isixuku sabantu sivele saphushelana phambili, abantu baciphizwa izinsimbi ebezivimbile.

Kulesi sigameko kulimale okungenani abantu abangu-64, kubika leli phephandaba.

Ngo-2009 kwashona inqwaba yabantu khona kuleliya lizwe ngesikhathi benyathelana eTimbuktu.

- Sapa-DPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ona-2 ubudala utholwe ene-Ebola eMali

Emizuzwini eyi-49 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...