Kushone 28 ezibhelwini eKenya
2012-12-21 12:05
Nairobi - Isikhulu samaphoyisa sithi kubulawe abantu abangu-28 ngesikhathi kusuka uthuli lwezichwe phakathi kwabalimi nabelusi eningizimu mpumalanga neKenya.
U-Anthony Kamitu, nohola ithimba lamaphoyisa elilwisana nalokhu kuhlaselana, uthe ngoLwesihlanu abalimi besigodi iPokomo bagasele abelusi e-Orma, eTana River Delta.
Lokhu kufa kwabantu kwakamuva kungukuziphindiselela kule mpi eqhubekayo.
Babalelwa okungenani ku-110 abantu ababulewe ngesikhathi kusuka udlame phakathi kwabasePokomo nase-Orma ngoSepthemba nango-Okthoba.
Uthuthuva oluphakathi kwalezi zigodi lususwa umbango wamanzi nomhlaba, kanti seludonse iminyaka.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AP