Kushone 27 engozini eNigeria

2012-12-19 14:35

Lagos - Amaphoyisa enyakatho ntshonalanga neNigeria athi kushone abantu abangu-27 abebegibele elolini ebithwele imfuyo ngesikhathi igingqika kuleliya lizwe.

Okhulumela amaphoyisa aseSokoto uSani Salisu ngoLwesithathu uthe le ngozi yenzeke ngoMsombuluko ngesikhathi ijika ikhona ngamandla emgwaqeni omkhulu.

USalisu uthe leli loli beliya eDelta.

Kuthiwa abanye basindile kulesi sigameko.

Labo abacela o-'lift' bajwayele ukuqhwakela phezulu emalolini athwele imfuyo noma impahla.

Izingozi zomgwaqo zivamile eNigeria, ngenxa yabashayeli abashayela ngokunganaki nabahamba ngesivinini esiphezulu.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter




- Sapa - AP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Morning clouds. Cool. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 5-18°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...