Kushone 2 kuhlaselwa eNigeria

2013-01-31 14:02

Kano - Oshayasibhamu abakade behlome ngeziqhumane, bahlasele isiteshi samaphoyisa edolobheni iKano, eNigeria, kwashona iphoyisa elilodwa nomunye umuntu.

"Kushone abantu ababili abahlanganisa nephoyisa. Akukazeki okwamanje noma lona oshonile ubeyingxenye yabahlaseli yini," kusho okhulumela amaphoyisa aseKano eMagaji Majia.

UMajia uthi abahlaseli bagasele esiteshini samaphoyisa bafike bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni, babe sebejikijela iziqhumane, kwalimala ingxenye ethile yesiteshi.

UMajia akaphumelanga obala ngabahlaseli, egwema nokuqinisekisa ukuthi bangabeqembu lamaphekula iBoko Haram, okumanje isolwa ngezehlakalo eziningi zokuhlasela osekwedlule nemiphefumulo yabantu abalinganiselwa ku-3 000.

Lokhu kuhlasela kuza ngemuva kosuku olulodwa umphathi weBoko Haram ememezele ukuthi bazobeka phansi izikhali.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Onesikhwele ubulale unkosikazi wakhe

Emizuzwini eyi-2 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-21°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-33°C Mostly sunny. Hot.
Jhb: 18-28°C Mostly sunny. Warm. Bloem: 22-33°C Showers late. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 21-27°C More sun than clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...