Kushone 19 engozini yebhelunde elithwala abantu
2013-02-26 12:02
Luxor - Izikhulu zezokuphepha eGibhithe zithi okungenani izivakashi ezingu-19 zishonile ngesikhathi kuphahlazeka ibhelunde lasemoyeni elithwala abantu, pheceleni i-hot air balloon.
Lesi sehlakalo senzeke edolobheni iLuxor kanti abashonile bahlanganisa nabantu abadabuka eFrance naseBrithani nakwamanye amazwe.
Izikhulu zithi kube khona umlilo kanye nokuqhuma ngesikhathi ibhelunde lisemoyeni, lase liphahlazeka.
Idolobha iLuxor liqhele ngo-510km, eningizimu yaseCairo.
Intatheli yabezindaba ze-Associated Press ithi ibale izidumbu eziyisishiyagalombili, ebezithuthwa.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- AP