Kushone 14 ibambene eNigeria

2013-01-02 09:00

Kano - Amasosha aseNigeria atholane phezulu namaphekula eqembu lamaSulumane iBoko Haram, enhla nedolobha iMaiduguri, kwagcina kushona amaphekula angu-13 nesosha elilodwa.

"Ngezithuba zawo-16:00, amasosha eJoint Task Force Operation Restore Order atholane phezulu neBoko Haram, eBulabulin naseBayan Quarters," kusho okhulumela umbutho uSagir Musa.

"Silahlekelwe yisosha laba linye, amabili alimala. Kushone abangu-13 beBoko Haram,” echaza.

Umbiko wezakhamuzi uthi amaphekula eBoko Haram anquma oqhoqhoqho babantu abangu-15, benkolo yamaKrestu.

Impi eqhubeka phakathi kwamasosha neBoko Haram, isidlule nemiphefumulo yabantu abalinganiselwa ku-3 000, kusukela ngo-2009.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kusolwa ugavini ngokushona kwabangu-18

Emizuzwini eyi-18 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 15-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...