Kushone 10 emvuselelweni yase-Universal Church
2013-01-02 13:01
Lisbon - Bayishumi abantu abagxobeke bashona kwalimala abangu-120 enhlokodolobha yase-Angola iLuanda, ngesikhathi bezama ukungena enkundleni yezemidlalo ebigcwele abantu ebebeye emvuselelweni ebihlelwe yibandla iPentecostal, kubika abezindaba zakuleliya lizwe i-Angop.
I-Angop icaphune okhulumela abezimo eziphuthumayo ethi izisulu, okuhlanganisa izingane ezine, zigxobeke esangweni laseCidadela Desportiva Stadium, lapho i-Universal Church of the Kingdom of God (IURD) ibihlele khona imvuselelo ngoMsombuluko ekuseni.
I-IURD iyibandla elingaphansi kwe Pentecostal Christian elabunjwa ngo-1977 eBrazil, linabalungu angaphezulu kuka-8 million, ngokwe-website yabo.
UFerner Batalha, oyiphini likabhishobhi e-IURD e-Angola, uthe imvuselelo ibigcwele kakhulu.
"Besilindele abantu abangu-70 000, kodwa leso sibalo sidlule kakhulu."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).