Kushaqwe izikhali eGibhithe

2012-11-22 14:01
Yabelani Shicilela

Cairo - Iziphathimandla zaseGibhithe zishaqe amaloli abethwele amabhomu kanye nezinhlamvu zezibhamu ezincane, ziphuma kwelaseLibya, kusho uNgqongqoshe wezaseKhaya ezweni, ngoLwesithathu.

Inqwaba yezibhamu eziphuma ezweni elingumakhelwane sezilethe ukukhathazeka eGibhithe njengoba amaphoyisa akhona angakabuyeli ngokugcwele emsebenzini selokhu kwaketulwa umengameli ngonyaka odlule.

Ngokujwayelekile izikhali ezishushumbiswayo zifinyelela ezandleni zamasosha angamaSulumane, eSinai Peninsula, noma zidlule ziye eGaza, okuyilapho amasosha eHamas nawakwa-Israyeli abelwa khona ngeledlule.

UNgqongqoshe u-Ahmed Gamal Eddi, esithangamini sabezindaba eCairo, uthe iziphathimandla zichithe amasonto zisezinkalweni ziphenya ngalokhu kushushumbiswa kwezikhali ngaphambi kokuba zishaqe lamaloli ekugcineni.
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Sunny. Mild. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 17-24°C Rain late. Morning clouds. Mild. PE: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...