Kusekude phambili e-Egypt
2013-02-25 12:04
Cairo - Imigwaqo yase-Egypt nsuku zonke iphenduka izinkundla zokuzwakalisa ukungenami komphathi, njengoba imibhikisho seyaba yinsakavukela umchilo wesidwaba.
Ukhetho lwasePhalamende olumenyezelwe ngempelasonto ngumengameli wemaSulumane alunikangathemba ngokutakula leliya lezwe ezinkingeni elibhekene nazo.
"Umgwaqo nawo ugcwele okwawo okungahlangene kakhulu nokhetho. Kodwa abantu abafuna ukuphila kangcono," kusho u-Emad Gad, ongumhlaziyi oqavile.
Umengameli wamaSulumane uMohammed Morsi ucele ukuba kube nokhetho lwePhalamende noluzoqala ngasekupheleni kuka-Ephreli lube yizigaba ezine luze luphothulwe ngoJuni.
Lo mholi ucindezelwe nguMthethosisekelo ukuba kushaye uMgqibelo eselumemezele usuku lokuvota.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP