Kusatshelwa udlame ngokhetho eZim
2012-11-27 07:26
Johannesburg - Izinhlangano ezimele amalungelo abantu zizwakalise ukukhathazeka ngokuthi abaphathi beZimbabwe bangase baqale ukuhlasela ngaphambi kokhetho ngonyaka ozayo.
"Limfiliba ikusasa labamele amalungelo abantu eZimbabwe njengoba eya eshabalala amathemba okusebenza kwabo kuleliya lizwe," kusho i-Observatory for the Protection of Human Rights
Defenders.
Kulindeleke ukuthi iZimbabwe iphasise uMthethosisekelo omusha ngonyaka ozayo kuqedwe nangohulumeni wobambiswano ophakathi kukaMengameli Robert Mugabe noNdunankulu uMorgan Tsvangirai.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP