Kusatshelwa izibhelu emngcwabeni eTunisia

2013-02-08 14:03

Tunis - Umngcwabo kasopolitiki obulawe eTunisa kulindeleke ukuba uthanyelwe abantu abaningi, kanti iningi labantu linokwesabela ukuthi isiteleka sikazwelonke esingalo lolo suku singase senze kube nodlame ezweni lonke, ezweni eliqalise i-Arab Spring.

Umndeni nabangani baChokri Belaid basola iqembu elibusayo ngokuba nesandla esehlakalweni sokubulawa kwakhe ngoLwesithathu, kodwa nakuba benganikezanga bufakazi, izinsolo sezidale ukungezwani ngaphambi komngcwabo ozoba ngoLwesihlanu.

Inyunyana enkulu yabasebenzi yakuleliya lizwe isimemele ukuba kube nesiteleka esikhulu okuzoba ngesokuqala eminyakeni engu-35, nosekudale ukwesaba ngokuthi kungase kube nodlame ezweni.

UNdunankulu waseTunisia usethembise ngokwenza izinguquko kuhulumeni kulandela ukubulawa kukaBelaid, kodwa leyo mizamo ingase ingasebenzi njengoba iqembu lakhe lamaSulumane elibusayo lisinqabile isinqumo sakhe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 15-19°C Showers early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...