Kusathungathwa abasindile eGhana
2012-11-08 07:35
Accra - Kushone abantu abane kwathi inqwaba yambozeleka ngaphansi kukadoti ngesikhathi kuwa ibhilidi elinezitezi ezine, nelinesitolo, enhlokodolobha yaseGhana, i-Accra.
UMengameli John Mahama, nosemjahweni wokhetho ngoDisemba, kudingeke ukuthi anqamule umkhankaso wakhe ukuhambela le ndawo yenhlekelele wathembisa ngokuthi abathintekayo ngalokhu bazoyikhotha imbenge yomile.
Abatakuli bakwazile ukuhlenga abantu abangu-42 kanjalo nezidumbu ezine, kusho ozibonele ngamehlo.
UMahama uthe kumele kuphenywe ngalesi sigameko.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters