Kuqubuke umlilo indiza isemoyeni

2013-01-02 13:00

Khartoum - Ibhanoyi laseKenya ebelithwele abagibeli abangu-56 kudingeke ukuba lihlale enhlokodolobha yaseSudan, eKhartoum, ngemuva kokuba injini yalo ivuthe umlilo, kusho abazibonele ngoLwesithathu.

Akulimalanga muntu kulesi sigameko esenzeke sashiye abagibeli besele dengwane ezweni okunzima ukuhamba kulona ngenxa yokungasebenzi kwama-credit cards eSudan ngenxa yonswinyo lweMelika.

ICairo-bound Boeing 737-700 isuke eKhartoum ngemuva kokuma okujwayelekile lisuka eNairobi. Kodwa kudingeke libuyele khona enhlokodolobha yaseSudan ngemuva kwemizuzu engu-20, kusho abagibeli abathathu.

"Injini ivuthe umlilo ngemuva kwalokho yehluleka ukundizela phezulu. Umshayeli walo ube esejika wabuyela eKhartoum," kusho uSouhair Mohamed Hawala, ongowaseGibhithe obegibele. Abantu bebekhala bethandaza."

Isikhuku seKenyan Airways sithe ibhanoyi kudingeke lijike ngenxa yezinkinga kanti lizolungiswa eSudan.

"Asikayazi imbangela okwamanje. Abagibeli bazobhukhelwa ebhanoyini elilandelayo elisuka eSudan, ngemuva kwamahora angu-24," kusho isikhulu.
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-21°C Sunny. Mild. Pta: 1-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...