Kuqubuke impi eCairo

2012-12-07 10:00

Cairo - Kuqubuke impi eCairo, ngoLwesine, ngemuva kokuthi uMengameli waseGibhithe uMohamed Morsi, ethule inkulumo enqaba ukuhoxisa amandla azithwese wona.

Amaqembu ahlanganisa awamalungelo abantu, amaqembu aphikisayo kanye neqembu lamaSulumane, eliholwa nguMorsi, abhekene ngeziqu zamehlo kulandela ukuthi uMorsi eshintshe uMthethosiseko, wabuyisela ngakuye wonke amandla.

Enkulumweni ayethule kumabonakude, uMorsi uthe uzoqhubeka nokuphasisa uMthethosisekelo mhlaka-15 Disemba, wathi ngemuva kokuthi usuphasisiwe kuzomele wonke umuntu awuthobele.

Ngemuva kokuthula inkuklumo, kutheleke ababhikishi enhlokodolobha iCairo, ezindlini zombuso weqembu elibusayo iMuslim Brotherhood.

"Izigelekeqe ezibalelwa ku-200 zigasele ezindlini zombuso. Sizame ukuzivimba ekutheni zingene, kube nomdonsiswano kwaqubuka nomlillo," kusho okhulumela iBrotherhood, uMahmud Ghozlan.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C High level clouds. Mild. Pta: 20-29°C Tons of rain. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 17-26°C Tons of rain. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 18-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-22°C Passing showers. More clouds than sun. Mild. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...