Kuqubuke imfiva eyingozi eGabon

2012-12-13 10:02
Yabelani Shicilela

Libreville - Iziphathimandla zezempilo eGabon zithi bangu-150 okungenani abantu abalele phansi ngenxa yemfiva ebuhlungu ebaphethe, nekuthiwa itholakala komiyane.

UNgqongqoshe wezeMpilo uMarie Josee Ndombi umemezele ngoLwesithathu esitatimendeni ukuthi lezi ziguli zingeniswe ezibhedlela njengoba kusolakala ukuthi zine-chikungunya fever.

Lesi sifo sibanga imfiva, ikhanda nesimungumungwane.

IChikungunya yaqala ukubonakala eTanzania ngabo-1950 yabhebhetheleka e-Asia nase-Afrika ngabo-1960.

Yize ingavamile ukubulala abantu, kodwa abanayo kwesinye isikhathi abakwazi nokuhlala noma ukuma ngenxa yamajoyinti abuhlungu.

Ukuqubuka kwalesi sifo ngo-2007 kwathelela abantu abangu-21 000 eGabon.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C a few showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 3-17°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-13°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-15°C Sunny. Cool.
Dbn: 9-25°C Sunny. Mild. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...